HUMAN RIGHTS, MNXM KASIKHO NDAWO MAZULU!

  Ngaleli langa lomgubho wamalungelo abantu ake ungiphe isithuba ngibuze ukuthi nempela la malungelo okukhulunywa ngawo isizwe sikaMamonga woSuthu simaphi na. Ingabe nempela sinalo ilungelo lokuba ngamaZulu aphila ubuZulu nakhuluma isiZulu na? Ulimi yilo kuphela oluhlukanisa abantu nezinye izidalwa zikaMenzi ngaphansi komthunzi welanga. Phela yilo ulimi esikwazi ukudluliselana ngalo imicabango, amasu futhi sifundisane nesimilo. Uma-ke […]

 

Ngaleli langa lomgubho wamalungelo abantu ake ungiphe isithuba ngibuze ukuthi nempela la malungelo okukhulunywa ngawo isizwe sikaMamonga woSuthu simaphi na. Ingabe nempela sinalo ilungelo lokuba ngamaZulu aphila ubuZulu nakhuluma isiZulu na?

Ulimi yilo kuphela oluhlukanisa abantu nezinye izidalwa zikaMenzi ngaphansi komthunzi welanga. Phela yilo ulimi esikwazi ukudluliselana ngalo imicabango, amasu futhi sifundisane nesimilo. Uma-ke wephuca umuntu ilungelo lolimi lwakhe usuke usumkhubaze wamqeda ngoba umephuce neso lokubuka umhlaba elinguye uqobo. Ngeke kwaphikwa ukuthi itulo lokugwamanqela (colonise) iNingizimu Afrika lasebenza kahle ngoba laliphuthunyiswa ngokwephuca ulimi. Ngesikhathi abantu bephucwa ububona banikwa ubuNgisimane ngokwenziwa ize izilimi zabo bese kuthi isiNgisi sibe lulimi lokungena emafutheni nasebungconyweni bempilo. Kepha umbuzo omiyo ngowokuthi eminyakeni engama-22 iNingizimu Afrika yaqala ukubuswa ngentando yeningi ingabe abantu sebakhululeka yini ukucabanga ngezilimi zabo? Ingabe ulugwamanqa  lwesiNgisi selususiwe yini phezu kwabantu na?

Sisabhekene nengcindezi enkulu yokubona ukuwa nokuvalwa kwezikole zikaHulumeni ezindaweni zasemalokishini, abazali bethutha izingane zabo bezisa ezikoleni ezingonhlangangxube ukuze zizofunda isiNgisi esinohlonze funa zibe yingxenye yabafinyelela emnothweni ongcono. Ngesikhathi laba bantwana befundiswa isiNgisi leso bayaye bakhunyulwe umqondo wobuntu nobuhlanga babo bembathiswe ubuYurophu Kanye nobuNgisi. Lokhu kuyingozi ngoba uzwa umntwana engasakwazi ukuxhumana nabantu ngolimi lwakhe ngqo. Bahambela phezulu abazali abanabantwana ababakhulumisa ngesiNgisi, nasezitolo uzwa beveteza, sithi siyakudlalisa okomntwana bese kuthiwe “Wethu say hi to uncle” ukhohlwe nje ukuthi umzukulu kaGubhela lona usaba yiNgisi na?

Lolu sizi-ke alupheleli lapho, ungena esiteshini samaphoyisa uzocela incwadi efungelwe uphoqelelwe ukuthi uyibhale ngesiNgisi. Kanti uMthethosisekelo kawuthi izilimi ziyalingana na? Uye ebhange ucele usizo ngolimi lwakho bafike bathi ukhona ozokuchazela, afike naye axube isiZulu nesiNgisi ungabe usazi ukuthi lesi siShalambombo silimi luni. Ufike esibhedlela saselokishini, kunodokotela weNdiya noma weBhunu afike akhulume kuwe ngesiFanakalo.

“Ziphi mahlungu gogo?”

“khamisa!”

“phefumla”

“ ku-right gogo wena zothola lo philisi  hamba kahle”

Emizuzwini emihlanu ngemva kokulinda mahora amathathu ukubonana nodokotela sekuqediwe njalo uzwa leNyalasididi yolimi bese kuphela ngawe. Hamba-ke uyobona emtholampilo wabelungu, isaguga ngasinye siqeda imizuzu engama-20 sixoxa nodokotela. Abamnyama ogogo baseyizisulu zokucindezelwa ngokolimi. Athathe umntanomuntu ulwehle lwamaphilisi aye nawo ekhaya aphambanise akasazi nokuthi kuthiwe yimaphi okumele awathathe ngamabili, abhalwe ngesiNgisi, phakathi kushuthelwe iphepha elibhalwe ngesiNgisi nesiBhunu. Sikuphi-ke Zulu uma kunje?

 

Lalela wena, angikaqedi. Sifike kwaNdabazabantu sizoshaya amapasi noma okunye, bahoshe amafomu abhalwe ngesiNgisi kuthiwe gcwalisa bese uya lapha efasiteleni. Maye! Kanti thina sikhululeka makufika kuphi? Kunjani enkantolo? Ufika uzomangala bafike nakhona bathi nanka amafomu ayisiNgisi kuthiwe gcwalisa.  He he he kasikho ndawo bakithi!

Uma-ke sicabanga ngalo mgubho wamalungelo abantu, ake sizibuze ukuthi ngobani amanamalungelo angcono kunawabanye. Akubelungu abakhululeke ukudlula thina na? Phela uGeorge Orwell encwadini i-Animal Farm usivezela  ngokusho okuthi  “ Zonke izilwane ziyalingana kepha ezinye zilingana kakhudlwana kunezinye” okungukuthi mhlawumbe nathi kula malungelo esinawo bakhona abanawo kakhudlwana kunabantu abampisholo.

Ningalali-ke magwala ndini, sengiyivusile inkunzi. Nilokhu nishaya isindiyandiya nibalekela iqiniso. Sicindezelwe futhi asinalungelo lokuba ngamaZulu! Vumani Bo!

2 Comments

  1. Uyihlabe eskhokosini mfokaBolofo. Nakhu okuncane engiza nakho nami: singabantu bomdabu kusemqoka ukuthi sikwazi ukuxhumana futhi sifundisane izilimi zethu zendabuko kunokuthi sikhulume isingisi uma izilimi zingafani. Ulimi labelungu luyohlezi lisibusa nabo abelungu abasoze balifunde elethu ngoba thina asifundisani sisodwa sicashelana ngolimi lwabo. Phezu imfundo yezingane zethu ibalulekile nokulazi ulimi lwesingisi kubalulekile emkhakheni wama business emhlabeni jikelele kodwa into ekumele siyenze njengamaAfrika ukuthi sihlale njalo siziqhenya ngobuzwe, amasiko, nolimi lwethu ukuze izingane zethu ziziqhenye zingazinyezi uma zihlangana nabelungu amphakathini nakwamanye amazwe. Ngiphoxeka kabi umangizwa noma ngibona ingane engalazi ulimi lwakubo ngivele ngihlazeke. Ngingezwa nakwabanye ozakwethu ukuthi bathini ngaloludaba, Mina ngiyema la.

    1. Ukuze inguquko yenzeke futhi igcwale kumele kuguquke imfundo kuyo yonke imikhakha ngezolwimi lendabuko. Ngaphandle kwalokho amalungelo wethu ngobuzwe bethu ayohamba aphelele emoyeni. Kuyogcina kuyicala nokudlinza ngolimi lakithi

Leave a Reply to Lindani Mnyandu Cancel reply

Your email address will not be published.