Amandla Okukhulula Isizwe Esimnyama Akuso Uqobo!

Umculi odume umhlaba wonke womculo wamarasta iregeyi u-Bob Marley ucule amazwi athi “emancipate yourself from mental slavery, none but ourselves can free our minds” okuhunyushwa ngokuthi : zikhululeni nina ekugqilazweni ngokomqondo, akekho omunye ongakhulula imiqondo yethu ngaphandle kwethu.  La mazwi ayisibikizelo esihle namuhla uma sikhuluma nomphakathi waseNingizimu Afrika ongamaZulu.  Ukuvalwa kwemigudu eya empumelelweni ngesiNgisi kakusoze […]

Umculi odume umhlaba wonke womculo wamarasta iregeyi u-Bob Marley ucule amazwi athi “emancipate yourself from mental slavery, none but ourselves can free our minds” okuhunyushwa ngokuthi : zikhululeni nina ekugqilazweni ngokomqondo, akekho omunye ongakhulula imiqondo yethu ngaphandle kwethu.  La mazwi ayisibikizelo esihle namuhla uma sikhuluma nomphakathi waseNingizimu Afrika ongamaZulu.  Ukuvalwa kwemigudu eya empumelelweni ngesiNgisi kakusoze kwasuka uma thina bakhulumi bezilimi zomdabu singasukumi sime ngezinyawo sibhekane ngqo nezivimbi kanye nalabo abathiya ukukhula kolimi lwethu. Uhulumeni useyimisile imithetho nezinqubomgomo kepha ngubani okufanele ayilandele futhi ayisebenzise uma kungesiwo amalungu omphakathi oyizakhamizi zakuleli na? Kuleli sonto ake sibheke ukuthi yikuphi esilwisana nakho kulo mzabalazo wenkululeko yolimi.

1.       Lapho sihamba khona sizungezwe yisiNgisi nesibhunu, ulimi lwesiZulu esifundazweni lubekwe emuva.

Bengisesikhumulweni sezindiza i-King Shaka International Airport, lapha ngihamba ngiqalaza ezindongeni izaziso nemiyalelo ngenhloso yokubona ukuthi ingabe kukhona yini okuvezayo ukuthi lapha kudlula izinkumbi zabantu ezingabakhulumi bolimi lwesiZulu, futhi lesi sikhungo siqanjwe ngeLembe ngenhloso yokuqhakambisa isifundazwe esakhiwe kuso. Ngeke ukholwe uma ngikutshela ukuthi akukho nokukodwa. Ekuseni lapha abantu baphiwa amaphephandaba ngifune ngancama ngithungatha awesiZulu. Ngizibuzile ukuthi ingabe abantu abangabakhulumi bolimi lwesiZulu bayaye bathule bathini uma bengaboni ngisho isaziso ngolimi lwabo. Ingabe kusho umqondo wokwamukela ukuthi ulimi lwesiZulu kakulona ulimi lwabantu abagibela amabhanoyi? Akusona sodwa lesi sikhungo esinalokhu, ngingene emabhange amabili sengiseThekwini, nakhona ngathungatha imibhalo ngolimi lwesiZulu. Nokho lapha ibikhona imizamo ebhange lakwa-ABSA lapho ngithole ukuthi babhala izaziso nemiyalelo ngesiZulu nangesiNgisi ezindongeni. KwaNedbank kube yiDololo! Kuwo womabili amabhange ngifike ngathatha amabhukwana abekelwe amakhasimende achaza ngemikhiqizo ethile yebhange, okumangazayo ngukuthi abantu engibafice kula mabhange iningi labo ngabakhulumi besiZulu. Ingabe isiZulu silulimi lokuntela nokuxoxa hhayi ukubhalwa nokuchaza na? Ngalezi zibonelo ngizama ukuveza ukuthi thina sizwe sikaMamonga sesize sakujwayela ukuthi ulimi lwethu kalubalulekile yingakho singakhathazeki uma sizungezwa sithandelwe ngesiNgisi. Amazwi ka-Bob Marley asho khona lokhu uma ekhuluma ngokugqilazwa nokucindezelwa kwemiqondo. Siyokhululwa ngubani-ke?

2.       Uma kuqashwa kubekwa ukukhuluma isiNgisi phezulu kuze kube yisidingongqangi kulowo ozoqashwa kepha uzosiza abantu abangabakhulumi besiZulu.

Uma ufunda izikhangiso zemisebenzi  uzobona ukuthi njalo kuhlale kubekwa ulwazi lwesiNgisi phambili, kakubalulekile ukuthi unolwazi olungakanani lo msebenzi othungathelwa umuntu kodwa uma isiNgisi sakho singesihle lowo msebenzi angeke uze uwuthole. Lapho kwenziwa inhlolokhono ufike kuhleli ababuzimibuzo bonke bangabakhulumi besiZulu kepha inhlolokhono izokwenziwa ngesiNgisi. Wena-ke ongaluncelanga kahle ulwazi lwesiNgisi nongalukhulumi ngokuzigqaja usuyobukelwa phansi yize kunguwe onamava kulo msebenzi owuzele kwinhlolokhono.  Lokhu yikho okugcwalise amahhovisi kamasipala nawakwahulumeni jikelele ngabasebenzi abangesizo lwalutho nabangakwazi ukuthatha izinqumo ngokuzimela lokhu phela ubuhlakani kababusisiwe ngabo kodwa baba nesibusiso sokufunda ezikoleni ezingonhlangangxube basinamabitha isiNgisi. Lokhu kuyinkinga ngempela ngoba baningi abanye abayizazi zemisebenzi ethile kepha kabawutholi umsebenzi ngoba izikhungo zibona ukungingiza kwabo nokungahlangani kahle kwabakushoyo lapho bekwinhlolokhono ngenxa yesiNgisi. Lokhu kufanele kusukunyelwe ngabantu kube yibo abacelayo ukuthi inhlolokhono ibe ngolimi abaluzwisisayo ukuze noma bephendula bakhululeke  futhi baluveze kahle ulwazi abanalo ngomsebenzi abazowucela. Lokhu-ke yikho okuyokwenza ukuba ulimi lwesiNgisi lungabi lulimi lokuqashwa lulodwa kodwa nezilimi zomdabu zisebenze njengezilimi zokusebenza, zokubusa nezokufunda nokufundisa.

Okubalulekile esizweni esimpisholo ngukuthi sifunde ukulimela iqiniso. Isizwe siyochitheka sihlakazeke ngamhla sikhetha ukucamela phezu kweqiniso sibuke ukonakala kwezinto futhi sihlale esihlalweni sabagxeki abangenzi lutho. Masisukume siye ezitolo, kwabemishwalense, ezibhedlela, emakhemisi, emabhange nasezikhungweni zombuso sifike sicele ukusizwa ngolimi lwethu futhi singavumi ukusayina izinto ezibhalwe ngesiNgisi. Uma besalela, miningi imigudu esingangena kuyo enjengeBhodi Yezilimi i-PanSALB, iKhomishana elwela Amalungelo abantu ezenkolo, amasikompilo kanye nezilimi i-Commission for CRL, uma kungabahlinzeki bosizo lwezimali ungaxhumana nabakwa National Credit Regulator. Uma kuseduze qonda ngqo enkantolo kamansthi ufune inkatolo yezolikulingana umangale uze ufune nesinxephezelo. Masikhule isiZulu!

Elokugcina ngci, kungumqondo ophusile ukuthi isiNgisi silulimi olukuholela emafutheni lokhu lisethsenziswa yiningi emhlabeni nokuyilo elisafumbethe amandla kwezomnotho, kepha lokhu kusho ukuthi udinga nje ulwazi olwanele ukudlulisa imicabango nemizwa yakho. Ingane ogogo nomkhulu ababengokhishini,amageli,namabhoyi babesebenza nabo abelungu bendandanisa nje. Amashayina, amajalimane, amafuletshe nawo kawacabangi ngesiNgisi azifundisa nje esanele ukuba adlulise umyalezo. Thina-ke Ndlwemnyama siphoqelela abantwana bethu ukuthi bangacabangi ngezilimi abaphupha ngazo nabazincelile kepha bacabange ngesiNgisi. Ungalifundisa ikati ukukhonkotha njengenja na? Ukuze abamnyama bangene kwezokusungula kufanele bangakhutshazwa lulimi lwesiNgisi. Ukufunda ngesiNgisi ungelona iNgisi kufana nokundizisa inhlanzi. Esikudingayo ngukufunda izilimi zokuxhumana nabantu bomhlaba kepha hhayi ukuthi siphoqwe ukucabanga ngazo. Baningi abayeka isikole nabalahlekelwa ngukuzethemba ngenhla nje yesiNgisi. Hhayi ngoba babengaphiwe kodwa kwakunzima ukuqondisisa ngilimi lwabezizwe, imizamo yabo yafekela amaphupho abo ashabalala bajabule ke abasiqhoqhobele.

Vukani nina bengwazi masihlangane sivule imigudu ezokhulula esibandulele ukuze bangabi ngabakhubazeke nabagqilazeke imiqondo.

Khumu!

3 Comments

  1. Injobo isithungelwe ebandla ma Afrika amahle!

    Kuliqiniso konke okuvezile Mongezi futhi kuliqiniso ukuthi uma thina singenakwenza lutho ngakho siyoqhubeka nokucindezeleka imiqondo, ubuhlakani bethu sibehlulele ngokukhuluma isilungu.

    Okuningi sikuyeka thina ngoba asisukumi sibhukule kepha siyamukela size siziqhenye ngalokho.

    Elethu!

    1. Simon

      Nempela uveza ingxenye yalokhu esemqoka lapho kuyithina esamukela ukuthi isiNgisi sihamba phambili futhi singaphezu kolimi lwethu.
      Sithumela abantwana ezikoleni ezikhuluma isiNgisi bese sidumisa abantwana ngoba bekhuluma isiNgisi. Lokhu sikubona njengobuhlakani. Kakunendaba ukuthi ezinye izifundo uhambisa kahle na kuso, uma nje efunde ukuveteza thina samkela ngokutusa.

      Uke uzwe umuntu ethi “uNozibani uhlakaniphe kabi isiNgisi usikhipha ngamakhala” kuxake ke ukuthi njengoba nathi isiZulu sisikhipha ngamakhala kakushiwo ngani ukuthi sihlakaniphile na? Kawazi ukuthi ubuhlakani nokufunda ulimi kuhlangana kanjani.

      Noma yimuphi umuntu ochitha isikhathi nabantu abakhuluma olunye ulimi, uzokwazi ukukhuluma lolo limi olumzungezile. USteven Pinker uthi ulimi luyikhono elakhelwe ngaphakathi kumuntu. Njengokugxuna kweselesele, lidalwe nakho, ukuhusha buzombe kwenyoka yakhiwe kanjalo, nokwakha ubulembu kwesicabu. Lezi zilwane kazifundiswa lokhu kepha kungamakhono ezidalwe nawo. Nakumuntu ke ulimi lunjalo. Uma useShayina uzofunda ukukhuluma isiShayina. Akubona ubuhlakani lobu kepha ngukuba ngumuntu nje.

      Kanjalo ke nabantu uma bekhuluma isiNgisi akubona ubuhlakani yikuthi bachitha isikhathi esiningi nabakhulumi baso ngakho nabo sebaze basifunda.

      Siyodingida ngomunye umuhle lolu daba.

      Khumu

  2. Angithathe lelithuba ngibonge Nsizwa yakwaBolofo, lokhu okuvezayo kuyiqiniso impela, kumele sikuveze ukuthi asithokozile neze ngokuthi kuthiwa izilimi ziyalingana, kodwa bese siphoqelelwa ngesiNgisi.

Leave a Reply

Your email address will not be published.